Eyezingane Izinyoni zaseNingizimu ye-Afrika

Available formats:

Log in to add

Eyezingane Izinyoni zaseNingizimu ye-Afrika

H
Hélène Loon

Le ncwadi ejabulisayo, egcwele mfi yethula izingane emaqenjini ezinyoni ezingaphezu kwama-60 ezitholakala eningizimu ne-Afrika: okholwase abanemilenze emide, oklebe abasheshayo, izincwincwi ezifana nejuba, izinsingizi ezinesibindi nezinye eziningi. Funda ukubona izinyoni ezihlukahlukene, futhi uthole nendlela ehlaba umxhwele eziziphatha ngayo–indlela ezithola ngayo ukudla, ezikhetha ngayo umlingani, ezakha ngayo isidleke, ezikhulisa ngayo amachwane azo nokuthi zizigwema kanjani izilwane ezizizingelayo. Isingeniso esinemininingwane sichaza okuphathelene nezinyoni okunjengokuthandana, ukufuduka, ukuhlala kwazo ngaziningi kanye nokwebuza. Kufakwe izithombe ezinhle ngokwedlulele ezingaphezu kwama-500, eziningi zichaziwe ukuze zigqamise izici nokuthile okuhlukile okuhlaba umxhwele ngazo. Kungani kufanele uyithenge: Iyisihloko sesibili kulolu chungechunge lwezincwadi, esethulwa kanyekanye nencwadi enesihloko esithi Kids’ Snakes of Southern Africa. Ihlanganisa amaqembu ezinyoni ezingaphezu kwama-60 ajwayelekile aseningizimu ne-Afrika futhi athathekisayo. Igcwele amaqiniso ahlaba umxhwele kanye nemibuzo yokuthi: ngabe bewazi? Izidayini, egqamile enemibala eminingi ngezithombe ezinhle kakhulu.

Publication

2023

Pages

80

Format

Epub

Publisher

Struik Nature

Excerpt

EPUB

Reviews (0)

There are no reviews for this book yet.

0 reading 0 read 0 want to read 0 dropped 0 favorites